ISIKHUMBUZO SENKOSI M.V SHEMBE (THINGO-LWENKOSAZANA) Kumavesi 46-47 woMthandazo weSabatha uMprofethi wabhala wathi: "Fundisa indodakazi yakho ingazoni. Wena-ke ndodakazi, lalela izifundiso zikayihlo nonyoko zokuthi hlonipha uyihlo nonyoko. Uma ulalela kahle izifundiso zabazali bakho, uyokwandelwa izinsuku zokuphila kwakho phansi kwelanga; uyakubusiswa ekuganeni kwakho, nenzalo yomziba wakho iyakubusiswa.

"Isikhathi esinigi umuntu isibusiso usithola kunina; noma ngabe umuntu kumele abe yinkosi lokho kuhambelana nesimo sokugana sikanina. Uma intombazana ibusiswa nguyise, isibusiso siba senzalweni yaleyo ntombazana ekuganeni kwayo. Lamazwi oMprofethi asho lokho.UThingo lwaluzalwa nguSangiwe Magwaza. 

USangiwe kwakuyinkosazana eyayingumabhalana woMprofethi. Izihlabelelo nemithandazo yamaNazaretha yayibhalwa nguSangiwe, eyibhala ngesandla. Lenkosazana yayinesiphiwo esiyisimanga sokubhala yonke into ekhulunywa nguMprofethi, ngaleyondlela yayihlale ihamba naye ngoba izihlabelelo zazifika noma nini, bese yona izibhala phansi.USangiwe ngokwemvelo wayeligagu ngisho lokusina, noma kuqedwa ukusina egiye ngokobuNazaretha, nezinye izintombi zimthophe. Lenkosazana uMprofethi wayithanda kakhulu. 

Ziningi-ke izinto eziyaye zikhulunywe ngamaNazaretha ezisuselwa othandweni uMprofethi owayenalo lwalenkosazana. Nokho lezi zinkulumo asinabo ubuqiniso bazo ngoba okunye ukukhuluma kwamaNazaretha kuyaye kungabi nalo iqiniso, kodwa kwakhiwe ngenhloso yokufeza lokho umuntu asuke akuqondile.

Abanye bayaye bethi uMprofethi wayefuna ukaMagwaza agane iNkosi iLanga, kodwa wathathwa yiNyangayezulu; abanye besho lokhuya nalokhuya esingekhulume ngakho ngoba kwakheke phezu kwezinhlebo zabantu. Kodwa okuliqiniso ukuthi uMprofethi wayemthanda ukaMaGwaza ngenxa yokukhuthalela umsebezi kaNkulunkulu, futhi wambusisa. Okwesibili ukuthi ukaMaGwaza wagcina ngokugana iNyangayezulu.

UThingo-ke lazalwa intombi eyayinesibusiso eyasithole kuMprofethi ngenxa yendlela eyayiziphethe ngayo nangenxa yomsebenzi eyawenzela iBandla ngokwethembeka.Ukuthi uThingo akusilona igama lalomholi. Amagama oThingo aphelele nguVimbeni Mbusi Shembe; wazalwa mhla ka 27 April 1933. Igama elithi Vimbeni uThingo lwaliqanjwa nguMprofethi ngoba ukaMaGwaza wayengabelethi, kwaze kwayobikwa kuMprofethi.Kwathi uma ebikelwa lobu bunzima bokubeletha kukamalukazana, uMprofethi wabe esethi; "kuvimbeni?"

Wanele washo njalo uMprofethi, wavele wabeletha oka-Magwaza. Kwathi uma sekocelwa igama kuMprofethi, wavele waphendula ngokuthi, "ingani ngishilo ukuthi kuvimbeni, igama lakhe ngu Vimbeni."UkaMagwaza waba nomunye umntwana igama lakhe okuthiwa nguLanga. Emva kwalokho ukaMaGwaza akaphilanga isikhathi eside wabe useyedlula emhlabeni. 

NoLanga wedlula emhlabeni, noma yena washona esekhulile.Umlando wokukhula koThingo awaziwa kahle ngoba kwathi esemncane uBaba iLanga wamthatha wayomhlalisa kuMa-Memela eMzimkhulu emzini kaShembe obizwa ngokuthi kuseNazaretha. Kulomuzi wayehlala noMabutho Shembe kanye noJakobe Mthethwa owagcina eseyinkosi yakwaMthethwa. Wakhula engazi ukuthi ungowakwaShembe, kodwa azi ukuthi ungowakwaMzazela. 

Waze wazi ukuthi ungowakwaShembe esezofunda Ohlange.Wabuya eNanda esezokwenza ibanga leshumi Ohlange High School. Emva kwalokho wafundela ubuthisha. Asinawo nokho umlando wokuthi wake wafundisa, ngaphandle kokuthi ngesinye isikhathi waba ngumabhalane ezimayini wabuye futhi waba ngumabhalane kwa-Rainbow Chicken. Emva kwalokho ubengasasebenzi, kodwa esengumuntu ohlale ekhona esontweni.

Ekuhambeni kweNyangayezulu ngo-1995 uRogers Ngcobo wamemezela ukuthi iNyangayezulu yambiza yamtshela ukuthi ikhethe uThingo ukuba ngumholi weBandla lamaNazaretha. Onke amaNazaretha akwemukela ngelethu ubuholi bakhe; ngaphandle kokuthi kwathi emva kwesikhathi unkosana uNyathikazi ozalwa nguBaba iLanga, wakuphosela inselelo enkantolo lobu buholi. Nokho lelocala aliqhubekanga isikhathi eside ngoba kwaba nesivumelwana ngaphandle kwenkantolo ukuthi akungaqhutshekwa nalo.Ukuthi iNkosi uM.V. uThingo lwenkosazana, kwaba ligama owalithola ngosuku lokufihlwa kweNyangayezulu. 

Kwathi uThingo luhamba phambi kwebhokisi lomngcwabo sizungeza ithempeli, kwase kushintsha izulu, laduma lashaya imibani. Emva kwalokho lasa, kwase kuvela uthingo lwenkosazana olwaye lwanamathela kuye uBaba u M.V. Shembe; amaNazaretha abe esekhombisana ngaloluthingo lwenkosazana. Kwathi uma sekumenyezelwa ukuthi uBaba u M.V usengumholi, athi amaNazaretha, "silubonile uthingo lwenkosazana lunamathela kuye!" Kwabe sekuthiwa luThingo lwenkosazana.Zimbili izinto ezazigqame kakhulu ngoThingo. 

Angicabangi ukuthi ukhona umuntu kwaShembe owayenamahloni njengoThingo. Uma wawufuna ukuhlupha uThingo kwakumele uthi alukhulume. Lingakabi ngumholi uThingo lwalungaziwa muntu ngaphadle kwalabo olwaluseduze kwabo. Lokhu kwakungenxa yamahloni okuhlangana nabantu; lwaluhlale luzifihlile ngenxa yamahloni.Okwesibili uThingo lwalunenhliziyo enhle. Ekuholeni kwalo angikhumbuli kuba nomuntu ongathi wake wahlukunyezwa noma waphathwa kabi uThingo.

UThingo lwaba ngumholi wamaNazaretha iminyaka eyishumi nesithupha, kusukela ngo-1995 lwaze lwasishiya emhlabeni mhla ka 28 March 2011 selineminyaka engamashumi ayisikhombisa nesishiyagalombili ( 78).
source: Bayede News 
@Feb 2016 
I am your Rev Dr LS Mvubu 083 485 2872
All reactions:5959

Comments
* The email will not be published on the website.